Wanika amadodana kaGereshoni izinqola ezimbili nezinkabi ezine ngokomsebenzi wawo.
Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,
Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wakunika abozalo lukaGereshoni ngokomsebenzi wabo.
Manje uyaliwe, kwenze; zithatheleni izinqola ezweni laseGibithe, nithathele abancane benu nabafazi benu, nilethe uyihlo, nize.
UMose wazithatha izinqola nezinkomo, wazinika amaLevi.