USolomoni waletha umnikelo wokubonga awuletha kuJehova, izinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bayingcwelisa indlu kaJehova.
UNumeri 7:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu zahlabela ukunikezelwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, yebo, izikhulu zanikela ngomhlatshelo wazo phambi kwe-altare. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare. IsiZulu 2020 Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare, |
USolomoni waletha umnikelo wokubonga awuletha kuJehova, izinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bayingcwelisa indlu kaJehova.
Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili; inkosi nabo bonke abantu bayingcwelisa indlu kaNkulunkulu.
Ngosuku lwesishiyagalombili benza umkhosi, ngokuba ukungcwelisa i-altare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.
Ekwehlukaniselweni kogange lwaseJerusalema afuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba awalethe eJerusalema, ukugubha ukuhlanjululwa ngenjabulo, nangokubonga nangokuhlabelela, namasimbali, namahabhu, nangezinsimbi.
Basebesenza imihlatshelo emikhulu ngalolosuku, bathokoza, ngoba uNkulunkulu wabenza ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwaze kwazwakala ukuthokoza kweJerusalema kude.
Ihubo nehubo ekungcwelisweni kwendlu kaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova; ngokuba ungiphakamisile, awuvumelanga izitha zami ukuba zijabule ngami.
Ngosuku uMose alimisa ngalo itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nezitsha zalo zonke, ne-altare nezitsha zalo zonke, waligcoba, walingcwelisa;
UJehova wathi kuMose: “Bayakunikela ngomhlatshelo wabo wokwahlukanisela i-altare, yilowo nalowo isikhulu ngosuku lwaso.
Lokhu kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare mhla ligcotshwa yizikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe zesiliva eziyishumi nambili, nezindebe zesiliva eziyishumi nambili, nezindebe zegolide eziyishumi nambili;
Zonke izinkomo zomnikelo wokubonga zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamawundlu ezingamashumi ayisithupha ezinomnyaka munye. Lokhu kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare, lase ligcotshwa.
Izinceku ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakha indlu entsha, ongayingcwelisanga? makahambe abuyele endlini yakhe, funa afe empini, omunye ayingcwelise.