UNumeri 5:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza noma yisiphi isono umuntu ona ngaso, enze isono kuJehova, lowo muntu abe necala; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala, IsiZulu 2020 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala. |
Uma ungenakuletha iwundlu, uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kuJehova ngenxa yesiphambeko sakhe osenzile; elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:
UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, mnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye; manje ngitshele okwenzileyo; ungangifihleli.