Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 4:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Lena iyakuba yinkonzo yamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana mayelana nezinto ezingcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Umsebenzi wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana umayelana nezinto ezingcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 4:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wabahlukanisa ngezigaba phakathi kwamadodana kaLevi, oGereshoni, noKohati, noMerari.


AmaKohati asuka, ayithwala indlu engcwele;


Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


Kodwa yenzani njalo kubo, ukuze baphile, bangafi, ekusondeleni kwabo ezintweni ezingcwelengcwele: uAroni lamadodana akhe bazangena, babamise, kube yilowo lalowo emsebenzini wakhe lomthwalo wakhe.


Lona ungumsebenzi wezizukulwane zamaGereshoni ukukhonza nokuthwala.


kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano.


kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuse kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, wobabala bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.


Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumelwe beze, bakhumule isembozo bamboze umphongolo wobufakazi ngaso.


Kodwa amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngoba inkonzo yendlu engcwele eyayingowawo yayiwukuthwala emahlombe awo.


Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.