Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.
UNumeri 34:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wenu uyakujika usuke eningizimu, uye entabeni yase-Akirabimi, udlule uye eSini; ukuphuma kwawo kusuke eningizimu kuye eKadeshi-Barineya, kudlulele eHasaradari, kudlulele e-Ashimoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya, uye eHasari Adari, uze ufike e-Asimoni, IsiZulu 2020 Umngcele wenu ujike ngaseningizimu yoKhalo Lwezitha, uze wedlule eZini, uphume eningizimu eKadeshi Bharineya, uye eHazari Adari, uze ufike e-Azimoni. |
Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.
Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.
Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.
Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.
Uhlangothi lwenu olungaseningizimu luyosukela ehlane laseSini ngasogwini lwakwa-Edomi, umkhawulo wenu ongaseningizimu ube ugu olungaphandle koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga.
Leyo yaba yinkatho yesizwe sabantwana bakwaJuda ngezizukulwane zabo; kuze kube semkhawulweni wakwa-Edomi ihlane laseSini ngaseningizimu ekupheleni kogu lwaseningizimu.