Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
UNumeri 34:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye, IsiZulu 2020 UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye, |
Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
“Uma nahlukanisa izwe libe yifa ngenkatho, niyakunikela ngomnikelo kuJehova, kube yisabelo esingcwele sezwe, ubude bube yizinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. Kumelwe ibe ngcwele kuyo yonke imingcele yayo nxazonke.
Umngcele kumelwe wehlele eJordani, uphumele oLwandle Lukasawoti: lokhu kuyakuba yizwe lenu nezwe lalo nxazonke.
Yonke indawo lapho amathe ezinyawo zenu eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni, kusukela emfuleni, umfula u-Ewufrathe kuze kube selwandle lwasekugcineni kuyakuba ngumkhawulo wenu.
Bese uhlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwe sakwaManase,