UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:
UNumeri 33:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani, IsiZulu 2020 “Khuluma kwabakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani ukuba ningene eKhanani, |
UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:
Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;
Zwana, Israyeli, uyakudabula iJordani namuhla ukungena ukudla izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu ebiyelweyo kuze kufike ezulwini;
Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.