Bamtshela bathi: “Sifikile ezweni owasithuma kulo, futhi lichichima ubisi nezinyosi; lesi yisithelo sawo.
UNumeri 32:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nizidumaza ngani izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bawele ezweni uJehova abanike lona na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na? IsiZulu 2020 Nibathenelani amandla abakwa-Israyeli baze bangafuni ukuwela baye ezweni uSimakade abanike lona na? |
Bamtshela bathi: “Sifikile ezweni owasithuma kulo, futhi lichichima ubisi nezinyosi; lesi yisithelo sawo.
Kodwa amadoda akhuphuka naye athi: “Asinakukhuphukela kubantu; ngoba banamandla kunathi.
Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela.
Wayesethi uMose kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuya empini, nihlale lapha na?”
Ngokuba lapho bekhuphukela esigodini sase-Eshikoli, balibona izwe, badumaza izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanika lona.
UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.
Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.