UDavide wayesebala amadoda ayenaye, wabeka phezu kwawo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.
UNumeri 31:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wazithukuthelela izinduna zempi nezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazivela empini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini. IsiZulu 2020 UMose wazithukuthelela iziphathimandla zempi, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, ezazibuya empini. |
UDavide wayesebala amadoda ayenaye, wabeka phezu kwawo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.
Wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba ukhululile umuntu esandleni sakho engambeka ukuba ambhubhise ngokufa, umphefumulo wakho uyakuba esikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho esikhundleni sabantu bakhe.’
Umuntu kaNkulunkulu wamthukuthelela, wathi: “Ngabe ushaye kahlanu noma kasithupha; wanqoba ama-Aramu waze wawaqeda; kodwa manje uzowahlula ama-Aramu kathathu kuphela.
Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.
UMose wayifunisisa impongo, bheka, yayishisiwe, wabathukuthelela u-Eleyazare no-Itamari, amadodana ka-Aroni ayesele, wathi:
OMose no-Eleyazare umpristi nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.
Izinduna zezinkulungwane zebutho, izinduna zezinkulungwane lezinduna zamakhulu zasondela kuMozisi.
Iyakummisa abe yinduna yenkulungwane nenduna yamashumi ayisihlanu; futhi iyozimisela ukuba zilime insimu yayo, zivune isivuno sayo, yenze izikhali zayo zempi nezinqola zayo.