Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 30:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo; khona-ke kumelwe enze isithembiso sakhe athembisa ngaso, nasikhulumile ngezindebe zakhe, abophe ngaso umphefumulo wakhe, asinakuchithwa; uJehova uyakumthethelela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 30:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.


Lapho sishisela indlovukazi yezulu impepho, siyithululela iminikelo yokuphuzwa, ingabe sayenzela amaqebelengwane okukhuleka kuyo, siyithululela iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu na?


Uma umuntu efunga, ekhuluma ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma ukwenza okuhle, noma yini umuntu ayikhuluma ngesifungo, kufihliwe kuye; uma azi ngakho, uyakuba necala kokunye kwalokhu.


Kodwa uma uyise emala ngosuku akuzwa ngalo; akuyikuba khona nesisodwa sezithembiso zakhe noma sezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakuyithethelela, ngokuba uyise emyalile.


Umyeni wakhe wakuzwa, wathula naye ngosuku ekuzwa ngalo;


Kepha zonke izithembiso zomfelokazi nezohlukanisiweyo azibophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma kuye.


Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho.


Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa.


Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; nguJehova kuphela oqinisa izwi lakhe. Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula.