Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 30:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Umyeni wakhe wakuzwa, wathula naye ngosuku ekuzwa ngalo;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

umyeni wakhe ezwe ngazo, kodwa angasho lutho kuye ngosuku ezwe ngalo, izifungo azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo nezithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 30:7
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.


Lapho sishisela indlovukazi yezulu impepho, siyithululela iminikelo yokuphuzwa, ingabe sayenzela amaqebelengwane okukhuleka kuyo, siyithululela iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu na?


Uma enendoda, lapho ebophe isithembiso, noma esho utho oluphuma emlonyeni wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe;


Kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo; khona-ke kumelwe enze isithembiso sakhe athembisa ngaso, nasikhulumile ngezindebe zakhe, abophe ngaso umphefumulo wakhe, asinakuchithwa; uJehova uyakumthethelela.


Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; nguJehova kuphela oqinisa izwi lakhe. Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula.