Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.
UNumeri 3:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe uthathe amashekeli amahlanu isigxobo ngasinye, ngokweshekeli lendlu engcwele kumelwe uyithathe; (ishekeli lingamagera angamashumi amabili:) IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili; IsiZulu 2020 uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20; |
Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.
Lonke igolide elathathelwa umsebenzi kuwo wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo, lalingamatalenta angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.
Ishekeli liyakuba ngamagera angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane kini.
Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli lendlu engcwele; amagera angamashumi amabili ayakuba yishekeli.
Ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuya koneminyaka engamashumi ayisithupha, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.
Uma kusukela konenyanga kuye koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva, ukulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva.
Abahlengwayo kusukela kwabanenyanga uyakuyihlenga ngokulinganisa kwakho imali yamashekeli ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, amagera angamashumi amabili.
Kumelwe uyinike u-Aroni namadodana akhe imali okufanele isibalo sabo esingavamile sihlengwe ngayo.
Wayithatha imali kumazibulo abantwana bakwa-Israyeli; amashekeli ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele;
Umnikelo wakhe wawuyisitsha esisodwa sesiliva, isisindo saso sasingamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nomganu owodwa wesiliva wamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele; zombili zazigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha njengomnikelo wempuphu.