UNumeri 3:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elishafani indodana ka-Uziyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elisafani indodana ka-Uziyeli. IsiZulu 2020 Umholi wemindeni yamaKhohathi kwakungu-Elizafani indodana ka-Uziyeli. |
UMose wabiza uMishayeli no-Elsafani, amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani nikhiphe abafowenu ngaphandle kwekamu phambi kwendlu engcwele;
KwaKohati kwavela umndeni wakwa-Amramu nomndeni wama-Ishari nomndeni wakwaHebroni nomndeni wakwa-Uzili; lezi ziyizizukulwane zamaKohati.
Inkonzo yabo iyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwesibani, nama-altare, nezinto zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalo.
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
Lena iyakuba yinkonzo yamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana mayelana nezinto ezingcwelengcwele.