UNumeri 3:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 KwaKohati kwavela umndeni wakwa-Amramu nomndeni wama-Ishari nomndeni wakwaHebroni nomndeni wakwa-Uzili; lezi ziyizizukulwane zamaKohati. IBHAYIBHELI ELINGCWELE KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati. IsiZulu 2020 KuKhohathi kwavela le mindeni: oka-Amramu, okaJizihari, okaHebhroni noka-Uziyeli. Yilena imindeni kaKhohathi. |
KumaHebroni, uHashabiya nabafowabo, amadoda anamandla, inkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe yizinduna kwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabapristi abagcina inkonzo yendlu.”
nezilenge zegceke, nesilenge somnyango wegceke elingasetabernakele nase-altare nxazonke, nezintambo zalo zomsebenzi wonke walo.
Ngokwenani labo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha ababegcina inkonzo yendlu engcwele.
Bala inani lamadodana kaKohati emadodaneni kaLevi, ngensendo zawo, ngezindlu zawoyise,
Abanye abantwana bakwaKohati baba nemizi eyishumi emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi nasesizweni sakwaDani nasenxenyeni yesizwe sakwaManase.