Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.
UNumeri 3:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Imindeni yamaGereshoni kumelwe ikanise ngemva kwetabernakele ngasentshonalanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga. IsiZulu 2020 Imindeni kaGereshoni iyakukanisa emva kwethabanakeli ngasentshonalanga. |
Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.
Khona-ke itende lokuhlangana kumelwe likhuphuke kanye nekamu lamaLevi phakathi kwekamu; njengalokhu bemisa, bayakukhuphuka kanjalo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe njengebhanela lakhe.
Labo ababalwayo ngenani labo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amahlanu.