Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 29:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga kuyakuba khona umhlangano ongcwele kini; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubethwa kwecilongo kini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lokuqala lwayo, niyoba nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; kuyokuba wusuku lwenu lokushaya amacilongo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 29:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho wonke u-Israyeli wawukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo namacilongo namasimbali, ehlokoma ngamahabhu nangezinsimbi.


Kusukela ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela iminikelo yokushiswa kuJehova. Kodwa isisekelo sethempeli likaJehova sasingakabekwa.


Abapristi namaLevi nabalindisango nabahlabeleli nabanye abantu namaNethini no-Israyeli wonke bahlala emizini yabo; ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakoIsrayeli besemizini yabo.


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga, ngesikhathi esimisiweyo, ngosuku lwedili lethu.


Babusisiwe abantu abayaziyo intokozo; bayakuhamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


Nomkhosi wokuvuna, ulibo lwezisebenzi zenu enizihlwanyele ezweni, nomkhosi wokubutha osekupheleni konyaka, lapho nibutha umshikashika wenu ezweni.


Kumelwe ugubhe umkhosi wamasonto, owolibo lwesivuno sikakolweni, nomkhosi wokubutha ekupheleni konyaka.


Kuyakuthi ngalolo suku kukhale icilongo elikhulu, bafike abase-Asiriya abaxoshwa ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umbuthano ongcwele kini; akukho msebenzi wenkonzo ongenziwa kuwo.


UJehova uyobonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uyophuma njengombani; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe nezivunguvungu zaseningizimu.


“ ‘Ngosuku lolibo, uma niletha umnikelo omusha womlilo kuJehova emva kwamasonto enu, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi;


Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa kuyakuba khona umbuthano ongcwele kini; aniyikwenza msebenzi wakukhonza, nibe nomkhosi wokudumisa uJehova izinsuku eziyisikhombisa.


Uyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova; ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, amawundlu angamaduna alomnyaka eyisikhombisa angelasici;


Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomkhosi;