Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 28:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kumelwe ulungise elinye iwundlu ekuseni, futhi kumelwe ulungise elinye kusihlwa;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Enye imvu uyonikela ngayo ekuseni, enye kusihlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 28:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho sekuntambama sebeprofethile kwaze kwafika isikhathi somnikelo wakusihlwa, kwakungekho zwi noma ophendulayo noma olalelayo.


Kwathi ngesikhathi somhlatshelo womhlatshelo wakusihlwa u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi uNkulunkulu wakho ukhona kwa-Israyeli! nokuthi ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile zonke lezi zinto ngezwi lakho.


ukuba banikele njalonjalo iminikelo yokushiswa kuJehova ekuseni nakusihlwa e-altare lomnikelo wokushiswa, benze njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova awuyala u-Israyeli;


Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.


Lizawugcina kuze kube lusuku lwetshumi lane lwaleyo nyanga, njalo ibandla lonke lenhlangano yakoIsrayeli lizalihlaba kusihlwa.


Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Bhincani, nilile, bapristi; Memani zinceku ze-altare; wozani nilale ubusuku bonke, nina zinceku zikaNkulunkulu wami, ngokuba umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo ugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Uma eletha iwundlu libe ngumhlatshelo wakhe, woliletha phambi kukaJehova;


Uthi kubo: Lona ngumnikelo womlilo eniyakuwuletha kuJehova; amawundlu aneminyaka emibili ubudala usuku nosuku angenasici njengomnikelo oshiswa imihla yonke.


nokweshumi kwe-efa lempuphu, kube ngumnikelo wempuphu, exovwe nokwesine kwehini lamafutha agqunyiweyo.


Ngosuku lweshumi nane lwale nyanga, lapho sekuhlwile, anoligcina ngesikhathi esimisiwe; njengawo wonke amasiko alo nangokwemikhosi yawo yonke uyakulenza.