Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: uRubeni izibulo likaJakobe.
UNumeri 26:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bala inani labantu, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu; njengalokho uJehova emyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli, abaphuma ezweni laseGibithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.” IsiZulu 2020 “Balani bonke abaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abaphuma eGibhithe njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose nabantu bakwa-Israyeli.” Nampa-ke abakwa-Israyeli abaphuma eGibhithe: |
Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: uRubeni izibulo likaJakobe.
Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
INkosi yasikhuluma kuMozisi enkangala yeSinayi ethenteni lenhlangano, ngolokuqala lwenyanga yesibili, ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo elizweni leGibhithe, yathi:
UMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma kubo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
URubeni, izibulo lika-Israyeli: abantwana bakwaRubeni; u-Enoke, okuphuma kuye umndeni wakwaHanoki; kwaPalu umndeni wakwaPalu;