Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.
UNumeri 24:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Intukuthelo kaBalaki yamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, usuzibusisile kathathu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu. IsiZulu 2020 UBhalaki wamthukuthelela kakhulu uBhileyamu, wahlanganisa izandla zakhe; wathi kuBhileyamu: “Ngikubize ukuba uzoqalekisa izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile kwaze kwakathathu. |
Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.
Wena-ke, ndodana yomuntu, profetha, ushaye izandla zakho, inkemba iphindwe okwesithathu, inkemba yabanqotshiweyo; yinkemba yabakhulu abanqotshiweyo, abangena ezindaweni zabo zokucasha.
Nami ngizashaya izandla zami, ngiyeke ukuthukuthela; mina Jehova ngikukhulumile.
Ngakho-ke bheka, ngishaye isandla sami phezu kwenzuzo yakho embi oyenzile, naphezu kwegazi lakho eliphakathi kwakho.
Bheka, kuphume abantu eGibithe, bembese ubuso bomhlaba; woza, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngizokwazi ukubanqoba ngibaxoshe.
Ngokuba ngiyakukwenza ube nodumo olukhulu, ngikwenze konke ongitshela khona; woza, ungiqalekisele laba bantu.
Woza-ke, ungiqalekisele laba bantu; ngokuba banamandla kunami; mhlawumbe ngizonqoba, ukuze sibahlule futhi sibaxoshe ezweni; ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nalowo omqalekisayo uqalekisiwe.
UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Wenzeni kimi na? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami, futhi bheka, wazibusisa ngokuphelele.
Ngakho-ke balekela endaweni yakho; Bengithi ngiyakukuphakamisela udumo olukhulu; kepha bhekani, uJehova ukugodlile udumo.
Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo.
Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.