U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.
UNumeri 23:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBalaki wenza njengokusho kukaBileyamu, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBalaki wenza-ke njengalokho eshilo uBileyamu; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare. IsiZulu 2020 UBhalaki wenza njengokusho kukaBhileyamu, wanikela ngenkunzi nenqama kulelo nalelo althare. |
U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.
Uma umhlatshelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wezinkomo, uyakuletha iduna elingenasici; woliletha ngokuzithandela phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
UBalaki wanikela ngezinkomo nezimvu, wakuthuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezazinaye.
UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkabi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.
UBalaki wenza njengokukhuluma kukaBileyamu; oBalaki noBileyamu banikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.
UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.
UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akahambanga ukuyofuna imilingo njengakuqala, kepha wabhekisa ubuso bakhe ehlane.