Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.
UNumeri 23:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Wenzeni kimi na? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami, futhi bheka, wazibusisa ngokuphelele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBalaki wathumela kuBileyamu, wathi: “Wenzeni kimi na? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami; bheka, uzibusisile nokuzibusisa.” IsiZulu 2020 UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Wenzani kimi na? Ngikulethe lapha ukuba uqalekise izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile.” |
Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.
Bheka, kuphume abantu eGibithe, bembese ubuso bomhlaba; woza, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngizokwazi ukubanqoba ngibaxoshe.
Ngokuba ngiyakukwenza ube nodumo olukhulu, ngikwenze konke ongitshela khona; woza, ungiqalekisele laba bantu.
Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela yini ukukhuluma lokho uJehova akubeke emlonyeni wami na?”
Intukuthelo kaBalaki yamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, usuzibusisile kathathu.