UNumeri 22:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBileyamu wayesethi embongolweni: “Ngokuba udlale ngami, sengathi ngabe nginenkemba esandleni sami, ngokuba manje sengifuna ukukubulala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.” IsiZulu 2020 UBhileyamu wathi embongolweni: “Yingoba ungenza isilima! Ukuba benginenkemba esandleni, ngabe sengikubulele.” |
Olungileyo uyaqaphela ukuphila kwesilwane sakhe, kepha umusa wababi uyisihluku.
Kubi kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi kube nesigameko sinye kubo bonke; yebo, nenhliziyo yabantwana babantu igcwele ububi, nokuhlanya kusenhliziyweni yabo besaphila, ngasemuva bahlubuka yana kwabafileyo.
Imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo yini imbongolo yakho ohlezi phezu kwayo kusukela ngingowakho kuze kube namuhla na?” ngake ngakwenza lokho kuwe Wathi: Cha!
Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza;