Wathi: “Sizokhuphuka ngayiphi indlela na?” Wathi: “Indlela yasehlane lakwa-Edomi.”
UNumeri 21:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela. IsiZulu 2020 Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela. |
Wathi: “Sizokhuphuka ngayiphi indlela na?” Wathi: “Indlela yasehlane lakwa-Edomi.”
UMose wakhuluma kanje kubantwana bakwa-Israyeli, kepha abamlalelanga uMose ngenxa yobuhlungu bomoya nangenxa yobugqila obunzima.
UMose wenza njengalokho uJehova emyalile, bakhuphuka entabeni yaseHori phambi kwamehlo ayo yonke inhlangano.
Nizidumaza ngani izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bawele ezweni uJehova abanike lona na?
Ngokuba lapho bekhuphukela esigodini sase-Eshikoli, balibona izwe, badumaza izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanika lona.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
Sase siphenduka, samuka saya ehlane endleleni yaseShelfsee, njengokukhuluma kukaJehova kimi; sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.
Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.