UNumeri 21:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 basuka eBamoti esigodini esisezweni lakwaMowabi, baze bafika esiqongweni sasePisiga elibheke eJesimoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane. IsiZulu 2020 Basuka eBhamothi, baya esifundeni sakwaMowabi nasesiqongweni iPhisiga, elibheke ezansi ngasehlane. |
Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Yamyisa ensimini yaseSofimi esiqongweni sasePisga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.
Yilabo ababalwayo nguMose no-Eleyazare umpristi, ababebala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Ngaphesheya kweJordani, ezweni lakwaMowabi, uMose waqala ukumemezela lo mthetho, wathi:
Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.
UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esibhekene neJeriko. UJehova wambonisa lonke izwe lakwaGileyadi kwaDani;
nethafa lonke ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga kuze kufike olwandle lwaseThafeni phansi kwemithombo yasePisga.