UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomileyo ngokuthi umhlaba; nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNumeri 20:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho yonke inhlangano ibona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu ka-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli. |
UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomileyo ngokuthi umhlaba; nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba sebusuku, kwaba ngukusa. Kwakuwusuku lokuqala.
USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Zaphelela kuye izinsuku ezingamashumi amane; ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa; abaseGibithe bamlilela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.
Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.
Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.