U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.
UNumeri 20:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Aniyikudabula.” U-Edomi waphuma ukumhlangabeza enamadoda amaningi nangesandla esinamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wathi: “Awuyikudabula.” U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla. IsiZulu 2020 Kepha wathi: “Awuyukudabula.” U-Edomi waphuma nempi enkulu, eyayihlome iphelele, yamvimba. |
U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.
Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Sifikile kumfowenu u-Esawu, naye uze ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, nangenxa yezine, angiyikuguquka; ngokuba waxosha umfowabo ngenkemba, walahla lonke uzwelo, nolaka lwakhe lwaludabukile njalo, futhi wagcina ulaka lwakhe kuze kube phakade.
Kungakho u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule umkhawulo wakhe; ngalokho u-Israyeli wamfulathela.
U-Israyeli wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi ukuthi: ‘Mangidabule izwe lakho, kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga. Kanjalo bathumela enkosini yakwaMowabi, kepha ayivumanga; u-Israyeli wahlala eKadeshi.
Kepha uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule umkhawulo wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahazi, walwa no-Israyeli.