Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Sizohamba ngomgwaqo omkhulu; uma mina nezinkomo zami siphuza amanzi akho, ngiyakuwakhokhela; Ngizovele ngidlule ngezinyawo zami ngaphandle kokwenza lutho.
UNumeri 20:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Edomi wathi kuye: “Ungadluli kimi, funa ngikuhoshele inkemba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Edomi wathi kuye: “Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.” IsiZulu 2020 U-Edomi wathi kuye: “Aniyukudabula lapha, funa ngiphume ngikusukele ngenkemba.” |
Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Sizohamba ngomgwaqo omkhulu; uma mina nezinkomo zami siphuza amanzi akho, ngiyakuwakhokhela; Ngizovele ngidlule ngezinyawo zami ngaphandle kokwenza lutho.
Wathi: “Aniyikudabula.” U-Edomi waphuma ukumhlangabeza enamadoda amaningi nangesandla esinamandla.
USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma ukulwa no-Israyeli ehlane; wafika eJahazi walwa no-Israyeli.
Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela.
U-Edomi uyakuba yifa, iSeyiri libe yifa lezitha zakhe; futhi u-Israyeli uyokwenza ngesibindi.
njengalokho benza kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu azosinika lona.