UMozisi wasesithi kuAroni: Tshono kuyo yonke inhlanganiso yabantwana bakoIsrayeli, uthi: Sondelani phambi kweNkosi, ngoba ikuzwile ukukhonona kwenu.
UNumeri 16:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uMose kuKora: “Kusasa wena nesixuku sakho sonke nibe phambi kukaJehova, wena nabo no-Aroni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wayesethi kuKora: “Wena yiba nayo yonke inhlangano yakho phambi kukaJehova kusasa, wena, nabo, no-Aroni; IsiZulu 2020 UMose wathi kuKhora: “Wena neviyo lakho lonke wozani kusasa, nime phambi kukaSimakade, wena, neviyo lakho no-Aroni. |
UMozisi wasesithi kuAroni: Tshono kuyo yonke inhlanganiso yabantwana bakoIsrayeli, uthi: Sondelani phambi kweNkosi, ngoba ikuzwile ukukhonona kwenu.
UJehova wahle wakhuluma kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu wathi: “Phumani nina nobathathu, niye etendeni lokuhlangana. Baphume bobathathu.
Bathathe, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, bathele impepho kuwo, balethe phambi kukaJehova, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu; nawe no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.
Bakhumbuze ngalezo zinto, ubayale phambi kweNkosi ukuthi bangaphikisani ngamazwi, okungasizi lutho, kodwa kubhubhise abezwayo.
Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe.
Sukumani khathesi, ukuze ngikhulume lani phambi kweNkosi ngazo zonke izenzo ezilungileyo zeNkosi eyazenza kini laboyihlo.