Kepha umfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli kepha ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho;
UNumeri 15:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyosebenza umthetho owodwa nendlela eyodwa kini nakumfokazi ogogobeleyo kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ” IsiZulu 2020 Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ” |
Kepha umfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli kepha ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho;
Kumelwe kube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobele phakathi kwenu.
Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni lakini, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Uma omunye wabantu bezizwe ona ngokungazi, enze utho oluphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, abe necala;
Le mizi eyisithupha iyakuba yindawo yokuphephela yabantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakomfokazi phakathi kwabo;
“ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, egcina iphasika kube yinkazimulo kaJehova; njengokwesimiso sephasika nangokwesiko lalo uyakwenza kanjalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.
Wonke u-Israyeli, namalunga akhe, nezikhulu, nabahluleli bakhe, bema ngalapha komphongolo nangapha phambi kwabapristi, amaLevi athwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nomfokazi, naye wazalwa phakathi kwabo; inxenye yabo malungana nezintaba zeGerizimu, nenxenye yabo malungana nentaba yase-Ebali; njengalokho uMose inceku kaJehova ayala ngaphambili ukuba babusise abantwana bakwa-Israyeli.