(Ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo) uma eza akhuleke ebheke kule ndlu;
UNumeri 15:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 “ ‘Uma umfokazi egogobele kini, noma ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu, eletha umnikelo womlilo omnandi kuJehova, njengoba wenza, kanjalo Naye uzokwenza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma umfokazi egogobele kuwe, noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina. IsiZulu 2020 Umfokazi ogogobele kwakho, noma ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu, uyonikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade, uyokwenza njengalokhu nani nenza. |
(Ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo) uma eza akhuleke ebheke kule ndlu;
Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli noma owezizweni kwa-Israyeli uyini umnikelo wakhe wokudla kuzo zonke izithembiso zakhe nakuyo yonke iminikelo yakhe yesihle anikela ngayo. Bayakunikela kuJehova njengomnikelo wokushiswa;
Futhi aniyikunikela esandleni sowezizwe isinkwa sikaNkulunkulu wenu nakweyodwa yazo; ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, neziphambeko kuzo; ngeke bamukeleke kini.
Wonke umuntu ozelwe ezweni kumelwe enze lezi zinto ngale ndlela ngokunikela ngomnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.
Kumelwe kube yisimiso kini, ebandleni nakumfokazi ogogobeleyo kini, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengoba unjalo wena, umfokazi makabe njalo phambi kukaJehova.