Abantu sebezwile leli zwi elibi, balila, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe phezu kwakhe.
UNumeri 14:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wawakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu badabuka kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu. IsiZulu 2020 UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu. |
Abantu sebezwile leli zwi elibi, balila, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe phezu kwakhe.
Ubuwula bomuntu buphendukezela indlela yakhe, nenhliziyo yakhe ithukuthelele uJehova.
Jehova, ekuhluphekeni bakuhambela, bathulula umkhuleko ekujeziseni kwakho phezu kwabo.
Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini.
Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila.
Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Ngokuba niyazi ukuthi ngasemuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akafumananga indawo yokuphenduka, nakuba ekufunisisa ngezinyembezi.
Ngakho abantwana bakwa-Israyeli babengenakuma phambi kwezitha zabo, kodwa bafulathela izitha zabo, ngoba babeqalekisiwe; angisayikuba nani ngaphandle kokuthi nibhubhise okuqalekisiweyo phakathi kwenu.