UJakobe wamnika u-Esawu isinkwa nepani likadali; wadla waphuza wasukuma wahamba. Wadelela-ke u-Esawu ubuzibulo bakhe.
UNumeri 14:31 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nina abantwana enasho ukuthi niyakuba yimpango, ngiyakubangenisa, balazi izwe enalidelela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla. IsiZulu 2020 Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla. |
UJakobe wamnika u-Esawu isinkwa nepani likadali; wadla waphuza wasukuma wahamba. Wadelela-ke u-Esawu ubuzibulo bakhe.
Abantwana bangena, balidla izwe, wabanqoba abakhileyo ezweni, amaKhanani, phambi kwabo, wabanikela esandleni sabo, namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kanjalo. Njengoba bebengenza.
Kodwa ngathi kubantwana babo ehlane: Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningazigcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.
UJehova usiletheleni kuleli zwe ukuba siwe ngenkemba, omkethu nabantwana bethu babe yimpango na? Bekungengcono yini ukuba sibuyele eGibithe na?
Kepha phakathi kwabo kwakungekho noyedwa kubo uMose no-Aroni umpristi abababalayo lapho bebala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.
Bhekani, nina zideleli, nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngenza umsebenzi ezinsukwini zenu, umsebenzi eningayikukholwa, noma umuntu enitshela wona.
Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu ababengakwazi ngalolo suku okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.
Abantwana babo abavuse esikhundleni sabo, basoka uJoshuwa, ngokuba babengabangasokile, ngokuba babengabasokanga endleleni.