Ngikuzwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo uthi: Kusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nisuthe yisinkwa; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
UNumeri 14:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami. IsiZulu 2020 “Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami. |
Ngikuzwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo uthi: Kusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nisuthe yisinkwa; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?
Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova; ngoba uyezwa ukukhonona kwenu ngoJehova. Thina siyini ukuthi nikhonone ngathi?
UMozisi wasesithi kuAroni: Tshono kuyo yonke inhlanganiso yabantwana bakoIsrayeli, uthi: Sondelani phambi kweNkosi, ngoba ikuzwile ukukhonona kwenu.
Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?
Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.