U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
UNumeri 13:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamagama abo: esizweni sakwaRubeni: nguShamuwa indodana kaSakuri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamagama abo: Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri. IsiZulu 2020 Lawa ngamagama awo: Owesizwana sakwaRubeni: nguShamuwa, indodana kaZakhuri. |
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
Laba bangabantwana bakoIsrayeli; oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,
Lawa angamagama ezizwe. Kusukela ekupheleni enyakatho, kuze kube semkhawulweni wogu lwendlela yaseHetiloni, ukuya eHamati, naseHasarenani, umkhawulo waseDamaseku ngasenyakatho, kuze kufike ogwini lwaseHamati; ngokuba lezi yizinhlangothi zalo ngasempumalanga nasentshonalanga; isabelo sikaDan.
UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
Lamadoda uMose awathumayo ukuhlola izwe, abuya abangela ukuba inhlangano yonke ikhonone ngaye ngokuletha inhlamba phezu kwezwe;
Nizidumaza ngani izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bawele ezweni uJehova abanike lona na?
Esizweni sakwaJuda kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Esizweni sakwaRubeni kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka. Esizweni sakwaGadi kwatywinwa ishumi elinambini lamawaka.