UKalebi wabathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masikhuphuke masinyane, silidle; ngokuba sinamandla okukunqoba.
UNumeri 13:31 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa amadoda akhuphuka naye athi: “Asinakukhuphukela kubantu; ngoba banamandla kunathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.” IsiZulu 2020 Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka sihlasele laba bantu, ngokuba banamandla kunathi.” |
UKalebi wabathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masikhuphuke masinyane, silidle; ngokuba sinamandla okukunqoba.
Nizidumaza ngani izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bawele ezweni uJehova abanike lona na?
Ngokuba lapho bekhuphukela esigodini sase-Eshikoli, balibona izwe, badumaza izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanika lona.
Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.
Zwana, Israyeli, uyakudabula iJordani namuhla ukungena ukudla izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu ebiyelweyo kuze kufike ezulwini;
Kepha abafowethu abakhuphuka nami bancibilikisa izinhliziyo zabantu, kepha mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
USawule wayesethi kuDavide: “Awunakwenyuka ukulwa nalo mFilisti, ngokuba wena uyinsizwa, kepha yena uyindoda yempi kwasebusheni bakhe.