U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide.
UNumeri 13:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa abantu abahlala kulelo zwe baba namandla, nemizi ibiyelwe ngezindonga, mikhulu kakhulu; futhi sabona nabantwana bakwa-Enaki lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona. IsiZulu 2020 Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki. |
U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide.
Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.
Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.
abantu abakhulu, abaningi nabade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babalandela, bahlala endaweni yabo.
Yonke le mizi ibizungezwe ngezingange eziphakeme, namasango, nemigoqo; eduze kwamadolobha angenazindonga amaningi.
Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; kwasala eGaza, naseGati, nase-Ashidodi kuphela.
Manje nginike le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku; ngokuba wezwa ngalolo suku ukuthi ama-Anaki akhona, nemizi mikhulu, ibiyelwe; uma uJehova enami, ngiyakuba-khona ukubaxosha, njengalokho uJehova ekhulumile.
UKalebi wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSeshayi, no-Ahimani, noTalimayi, amadodana ka-Anaki.
Bamnika uKalebi iHebroni, njengokusho kukaMose; wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.