UNumeri 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 (Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.) IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba. IsiZulu 2020 Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba. |
Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; Uyohlobisa abathobekileyo ngensindiso.
UJehova wahle wakhuluma kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu wathi: “Phumani nina nobathathu, niye etendeni lokuhlangana. Baphume bobathathu.
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.
Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;
Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;
Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.
Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.