Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa; wathi: INkosi izakwengezelela enye indodana kimi.
UNumeri 1:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakoJosefa, abantwana bakoEfrayimi, ngensendo zabo, ngezizukulwane zabo, ngezindlu zaboyise, ngokwenani lamabizo, kusukela koleminyaka engamatshumi amabili langaphezulu, bonke aba negunya. Ukuphuma ukuya empini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi: IsiZulu 2020 Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi: |
Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa; wathi: INkosi izakwengezelela enye indodana kimi.
UJosefa wazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
Ngiyakunixosha phambi kwami, njengalokho ngaxosha bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.
Abasuka eningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu; nabasethafeni, amaFilisti, badle ifa lensimu yakwa-Efrayimi nensimu yaseSamariya; uBenjamini uyakudla iGileyadi.
ababalwayo kubo besizwe sakwaZebhulon, baba ngamashumi amahlanu anesixhenxe amawaka, anamakhulu mane.
ababalwayo kubo besizwe sakwaEfrayim, baba ngamashumi amane amawaka, anamakhulu mahlanu.
NgoJosefa wathi: “Libusiswe nguJehova izwe lakhe phezu kwezinto eziyigugu zezulu, naphezu kwamazolo naphezu kukazamcolo wamanzi alele phansi;
Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.