UNumeri 1:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakwaGadi ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo nangezindlu zawoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: IsiZulu 2020 Abozalo lukaGadi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: |
Ngabantwana bakwa-Amoni, usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli akanamadodana na? akanayo indlalifa? Pho kungani inkosi yabo ithatha uGadi futhi ihlalise abantu bayo emizini yakhe?
ababalwayo kubo besizwe sakwaSimeyoni, baba ngamashumi amahlanu anesithoba amawaka, anamakhulu mathathu.
ababalwayo kubo besizwe sakwaGadi, baba ngamashumi amane anamahlanu amawaka, anamakhulu mathandathu, anamanci mahlanu.
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase badabula behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose wakhuluma kubo.