Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova, namadoda onke akwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema kanye nayo, nabapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda kubo, amazwi encwadi yesivumelwano eyafunyanwa endlini kaJehova.
UNehemiya 8:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base befunda ngokucacile encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bachaza incazelo, babenza baqonde okufundwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo. IsiZulu 2020 Bafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bawuhumusha ukuze abantu bawuqonde ukuthi uthini. |
Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova, namadoda onke akwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema kanye nayo, nabapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda kubo, amazwi encwadi yesivumelwano eyafunyanwa endlini kaJehova.
Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo.
OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.
UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.
Basukuma endaweni yabo, bafunda ingxenye yesine yosuku encwadini yomthetho kaJehova uNkulunkulu wabo; enye ingxenye yesine yenza isivumo sayo, yakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo.
Isikhulu esiphakathi kwabo kumelwe singene lapho bengena; futhi uma bephuma, bazophuma.
UJehova wangiphendula, wathi: “Loba umbono, uwucacise ezibhebheni, ukuze ofundayo agijime.
Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.