UNehemiya 6:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inceku yakhe uSanibhalati yasithumela kimi ngokwesihlanu ngendlela efanayo, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo. IsiZulu 2020 Ngehlandla lesihlanu, uSanibhalathi wangithumelela lowo myalezo ngenceku yakhe, kodwa kwakuyincwadi engavaliwe. |
Kulotshiwe kulo ukuthi: Kuzwakele kwabezizwe, noGasmu usho lokhu ukuthi wena nabaJuda nicabanga ukuhlubuka; ngalokho ulwakhile ugange, ukuze ube yinkosi yabo ngokwalawa mazwi.
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo; ngoba kabamukelanga uthando lweqiniso, ukuze basindiswe.