UNehemiya 4:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo. IsiZulu 2020 Sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabeka abaqaphi ukulinda ubusuku nemini. |
Wayesethi uJuda: “Amandla abathwali bemithwalo aphelile, kukhona nemfucuza eminingi; ngakho asikwazi ukwakha udonga.
Kepha izitha zethu zathi: “Abayikukwazi, abayikukubona, size singene phakathi kwabo, sibabulale, simise umsebenzi.”
Uyawashafisa amacebo obuqili, ukuze izandla zabo zingakwazi ukwenza umsebenzi wabo.
Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.
Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;