Sasesisebenza emsebenzini, ingxenye yabo yabamba imikhonto kusukela ekuphumeni kokusa kuze kuvele izinkanyezi.
UNehemiya 4:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaso leso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo makalale nenceku yakhe eJerusalema, ukuze zibe abalindi bethu ebusuku, basebenze emini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.” IsiZulu 2020 Ngaleso sikhathi ngabuye ngayala bonke abantu, ngathi: “Yilowo nalowo nenceku yakhe mabahlale phakathi eJerusalema ukuze basiqaphe ebusuku, basebenze emini.” |
Sasesisebenza emsebenzini, ingxenye yabo yabamba imikhonto kusukela ekuphumeni kokusa kuze kuvele izinkanyezi.
Ngakho mina nabafowethu noma izinceku zami namadoda onogada ababengilandela, akukho noyedwa wethu owakhumula izingubo zethu, ngaphandle kokuthi kwaba yilowo nalowo wazikhumula ukuze azihlanze.