UNehemiya 12:42 - Contemporary Zulu Bible 2024 noMahaseya, noShemiya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Futhi abahlabeleli bahlabelela phezulu, kanye noJísraja, umnakekeli wabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noMahaseya, noShemaya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJehohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela ngokuzwakalisayo, benoJizirahiya umbonisi wabo. IsiZulu 2020 noMahaseya, uShemaya, u-Eleyazare, u-Uzi, uJehohanani, uMalikhiya, u-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela bebhidiswa ngumphathi wabo, uJizirahiya. |
nabafowabo, amaqhawe anesibindi, ikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo kwakunguSabidiyeli indodana yezikhulu.
Abapristi; o-Eliyakimi, noMahaseya, noMiniyamini, noMigaya, no-Eliyohenayi, noZakariya, noHananiya, benamacilongo;
Basebesenza imihlatshelo emikhulu ngalolosuku, bathokoza, ngoba uNkulunkulu wabenza ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwaze kwazwakala ukuthokoza kweJerusalema kude.
Kumholi wokuhlabelela eGiti, ihubo lika-Asafa. Hlabelani inkazimulo kaNkulunkulu, amandla ethu, nithokoze, nidumise uNkulunkulu kaJakobe.