UmShumayeli 8:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba yonke into inesikhathi nokwahlulela, ngakho-ke usizi lomuntu lukhulu phezu kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke; nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe, IsiZulu 2020 Ngokuba yonke into inesikhathi sayo esiyifanele, nendlela yokuyenza, nanxa inhlupheko yomuntu inzima emahlombe akhe, |
Uyajeziswa ngobuhlungu embhedeni wakhe, nobuningi bamathambo akhe ngobuhlungu obunamandla;
Jabula, nsizwa, ebusheni bakho; inhliziyo yakho mayikuthokozise emihleni yobusha bakho, uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nangokubona kwamehlo akho; kepha yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukuyisa ekulungeni ngazo zonke lezi zinto.
Wenza konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho; futhi wafaka izwe enhliziyweni yabo, ukuze kungabikho muntu ongathola umsebenzi uNkulunkulu awenzayo kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.
Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela olungileyo nomubi, ngokuba kukhona isikhathi sawo wonke umqondo nawo wonke umsebenzi.
Nxa umninindlu esesukumile wavala umnyango, seliqala ukuma ngaphandle lokungqongqotha emnyango, lisithi: Nkosi, Nkosi, sivulele; uyakuphendula athi kini: Anginazi lapho nivela khona;