UmShumayeli 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, ungcono kunabo bobabili abangakabi khona, abangabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga. IsiZulu 2020 kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga. |
Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.
Ngakho ngakuzonda ukuphila; ngokuba unzima kimi umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba konke kuyize, nokugula emoyeni.
Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga.