U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.
UmShumayeli 10:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Omba umgodi uzakuwela kuwo; noma ngubani ophula uthango, inyoka izomluma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka. IsiZulu 2020 Umuntu ombela omunye umgodi uyokhalakathela kuwo; nalowo odiliza udonga uyolunywa yinyoka. |
U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.
Izinsizwa eziyishumi ezazimbethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.
Basebemphanyeka uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Lwase luphela ulaka lwenkosi.
Bazenzela izinyawo zami inetha; umphefumulo wami uthobile; bemba umgodi phambi kobuso bami, bawela kuwo. Sela.
Ukulunga kwabaqotho kuyabasindisa, kepha abaphambukayo bayakubanjwa yinkani yabo.
Njengokungathi umuntu ubalekela ingonyama, ahlangane nebhere; noma engena endlini, wancika isandla sakhe odongeni, walunywa yinyoka.
Noma becasha esiqongweni seKarmeli, ngiyakubaphenya, ngibasuse; noma becashile ebusweni bami phansi kolwandle, ngiyakuyala inyoka lapho, ibalume.
Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.