UMikha 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa abayazi imicabango kaJehova futhi abaqondi iseluleko sakhe, ngoba uyobabutha njengezithungu esibuyeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha azazi imicabango kaJehova, aziqondi amasu akhe, ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni. IsiZulu 2020 “Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. |
Kodwa akaqondile, nenhliziyo yakhe ayicabangi kanjalo; kodwa kusenhliziyweni yakhe ukungabhubhisi nokuqothula izizwe ezimbalwa.
O isibuya sami nokolweni wesibuya sami! lokho engikuzwile kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngikumemezele kini.
Futhi uquqaba lwazo zonke izizwe ezilwa ne-Ariyeli, zonke ezilwa nalo nezikhali zalo ezilicindezelayo ziyoba njengephupho lobuso basebusuku.
Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova.
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba.
Wena uyizembe lami nezikhali zami zokulwa, ngokuba ngiyakuphahlaza izizwe ngawe, ngichithe imibuso ngawe;
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Indodakazi yaseBabele injengesibuya, sekuyisikhathi sokuyibhula; kuseyisikhashana, kufike isikhathi sokuvuna kwayo.
Ngiyakubutha zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati, ngilwe nazo lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, owabahlakazela ezizweni, wahlukanisa izwe lami.
olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.