Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
UMikha 3:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga, IsiZulu 2020 Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo; |
Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
Hamba, ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: INkosi, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, ka-Isaka, noJakobe, ibonakele kimi, yathi: Nginihambele, ngabona okwenziwa kini. EGibhithe:
Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; wonke umuntu uthanda izipho futhi ujaha imivuzo; abahluleli izintandane, necala lomfelokazi alifiki kubo.
Bakhuluphele, bayakhazimula, yebo, badlula imisebenzi yababi; futhi ilungelo labampofu abalahluleli.
Kumelwe bafundise abantu bami umehluko phakathi kokungcwele nokungangcwele futhi babenze bahlukanise phakathi kokungcolile nokuhlanzekile.
Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.
Uma nidelela izimiso zami, noma umphefumulo wenu unengwa izahlulelo zami, nize ningenzi yonke imiyalo yami, naphula isivumelwano sami;
Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.
Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?
Uqalekisiwe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nentandane, nomfelokazi. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!