Lapho ngilindele okuhle, ububi bangehlela; kwathi ngilindele ukukhanya, kwafika ubumnyama.
UMikha 1:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abakhileyo eMaroti babelindele okuhle, kepha okubi behla bevela kuJehova beza esangweni laseJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle, lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema. IsiZulu 2020 Ngokuba abakhe eMarothi basezinhlungwini ezinzima, balindele okuhle, phela inhlekelele yehlile ivela kuSimakade, ifike esangweni eJerusalema. |
Lapho ngilindele okuhle, ububi bangehlela; kwathi ngilindele ukukhanya, kwafika ubumnyama.
Mina ngakha ukukhanya, ngidala ubumnyama; Ngenza ukuthula, ngidala ububi; Mina Jehova ngenza zonke lezi zinto.
Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!
Besilindele ukuthula, kodwa akufikanga okuhle; futhi okwesikhathi sempilo, futhi bheka, kukhona usizi!
Kungashaywa icilongo emzini futhi abantu bangesabi? kuyakuba khona okubi emzini uJehova engakwenzanga na?
Ngokuba isilonda salo asinakuphulukiswa; ngoba lafika kuJuda; wafika esangweni labantu bami eJerusalema.
Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi; ngibizeni ngokuthi uMara, ngokuba uSomandla ungiphathe kumunyu kakhulu.”
Lapho efika, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni eceleni kwendlela, wabheka, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Lapho lowo muntu efika emzini, wabika, kwakhala umuzi wonke.